I-ANC eGauteng ayiphumeli obala ngobuholi

2012-11-19 12:04

Johannesburg - I-African National Congress eGauteng ayiyiqinisekisanga imibiko ethi amagatsha amane kwamahlanu azokweseka iSekela likaMengameli uKgalema Motlanthe, emhlanganweni wokuqokwa kobuholi ngenyanga kaDisemba eMangaung.

"Okwamanje njengesifundazwe asikazi ukuthi izifunda ziqoke bani," kusho okhulumela iqembu uDumisa Ntuli.

"Angeke saqinisekisa ukuthi ngobani abaqokwe yizifunda."

Iphephandaba iThe Star libike lathi: "Ngokombiko wangaphakathi ku-ANC, uMotlanthe uthole ukwesekwa yigatsha laseTshwane, iseGoli, iseSedibeng naseWest Rand."

Kuthiwa yigatsha laseKurhuleni kuphela eleseka uMengameli uJacob Zuma.

Kuthiwa amagatsha ahlanganisa lelo likameluleki kaZuma uLindiwe Zulu, igatsha labakwaGupta, abasolwa ngokuxhasa uZuma, ilelo likaMo Shaik, elikaNgqongqoshe wezobuChwepheshe  neSayensi uDerek Hanekom, elikaBilly Masetlha osekomidini elikhulu le-ANC kanjalo nalelo likaNobhala weqembu uGwede Mantashe, wonke athi azokweseka uSekela Mengameli uMotlanthe.

Igatsha likaNobhala weSA Communist Party uBlade Nzimande kanjalo nelikaNdunakulu waseGauteng uNomvula Mokonyane, kuthiwa awekho esimweni esifanele sokuthi angahambisa izithunywa eMangaung.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...