I-ANC e-E Cape ikhankasela uZuma
2012-10-17 08:16
Johannesburg - I-ANC e-Eastern Cape isithumele ithimba ezifundazweni ezintathu ukuba liyokhankasela uMengameli Jacob Zuma ukuba aphathe ihlandla lesibili, kusho umbiko weDispatch Online ngoLwesithathu.
UNobhala wesifundazwe u-Oscar Mabuyane uthe leli thimba eliholwa nguSihlalo e-Eastern Cape uPhumulo Masualle, selike lahlangana nezinhlaka zeqembu KwaZulu-Natal, eMpumalanga naseFree State.
"Sihlela imihlangano nezinye izifundazwe ukuthi singayigcina kanjani i-ANC ibumbene," esho.
I-African National Congress e-Eastern Cape iphumele obala ngokuthi izogqugquzela amagatsha ayo ukuba akhankasele ukubuyiselwa kukaZuma esihlalweni, nePhini lakhe uKgalema Motlanthe, uNobhala Jikelele uGwede Mantashe noSihlalo uBaleka Mbethe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA