Halala ANC - Cosatu

2013-01-10 13:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi i-Cosatu, usufisele i-African National Congress okuhle kodwa eminyakeni yayo engu-101 yasungulwa, kusho umbiko wencwadi ethunyelwe kuNobhala Jikelele weqembu uGwede Mantashe.

UNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi ufisele iqembu eminye futhi iminyaka engu-101, esho lo mlayezo encwadini ebhalwe umhlaka-8 Januwari, okuyilanga iqembu elihlanganisa ngalo le minyaka.

"I-ANC eminyakeni engu-101 ihole abantu bethu yakhuthaza abanye abayizigidi ezwenikazi lase-Afrika kanye nesemhlabeni jikelele. Yenze lokhu ilwela inkululeko nentando yabantu," kubhala uVavi.

UVavi uthe i-ANC isamile ngoba igxile emizameni yokulwisana nobuphofu. Iyizwi labantu, isebenzisana nabasebenzi abahlukunyezwayo," kusho uVavi.

UVavi uthe kumele iqembu liqhubene nomsebenzi omuhle eliwenzayo, uphinde wathi lona ngunyaka wekhulu womthetho iNative Land Act.

"Ngokudumala sikhumbula lo mthetho owavumela ukwebiwa komhlaba. Kumele kuphenywe zonke izindawo ngenhloso yokuguqula umlando wethu ongemuhle,".

UVavi wethulele isigqoko labo abalwa nobandlululo ngezikhathi zobusha babo, kanye neqhaza eladlalwa omama beqembu.
 
"Labomama baba nesibingi behola amamashi amaningi, bekhuthaza ukulwisana hhayi nje nabacindezeli kuphela kodwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane."




 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-25°C High level clouds. Mild. Pta: 10-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-23°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...