Esinye isigejana samaphoyisa mbumbulu eKZN
2012-11-28 07:46
Lunga Biyela, The Witness
Pietermaritzburg - Njengoba bebevele enkantolo yaseMgungundlovu abasolwa ngokuzenza amaphoyisa, amaphoyisa athi kunelinye futhi iqembu lezigelekeqe elizenza amaphoyisa, neligebenga imizi yabantu.
Kugqekezwe imizi emibili eChase Valley, kwenziwa ngamadoda agqoke umfaniswano wamaphoyisa, nathi avela ophikweni loKlebe.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Joey Jeevan uthi kwakungamadoda ayisihlanu, eyodwa engumlungu namane amnyama.
Kuthiwa umlungu wathi unguMnuz Slabbert kanti baphenya ngecala lokukhwabanisa, etshela izisulu.
"Kwathi kusenjalo bathi ukunyamalala kwase kubuya abamnyama batshela izisulu ukuthi ziyagetshengwa, bathatha konke abakufunayo endlini," esho.
Kubikwe ezinye izigameko ezimbili zezigebengu ezizenza amaphoyisa eThekwini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness