Enye inkinga yezincwadi eLimpopo - DA

2013-02-07 14:05

Johannesburg - Izikole eziningi zaseLimpopo namanje azikazitholi izincwadi zokufunda, kusho iDA esifundazweni ngoLwesine.

Johannesburg - Uthishanhloko wesikole iDuiwelskloof Primary School wathumelela abazali izincwadi ngoLwesibili odlule exolisa ngokuthi izincwadi zezifundo ezibabulekile azikafiki, kusho okhulumela ezemfundo uJacques Smalle esitatimendeni.

Uthishanhloko uqhube wathi izikole ezingomakhelwane nazo azikazitholi izincwadi zokufunda.

USmalle uthe uMnyango wezeMfundo ukuphikile lokhu ngoLwesine.

NgoJanuwari 8, uMnyango uthe cishe u-98% wezincwadi ezathunyelwa ezikoleni ezimaphakathi nezwe ngelanga lokuqala lezikole.

USmalle uthe i-DA ithole ukuthi ezinye zezikole eziyisithupha azingakazitholi izincwadi zezifundo ezibalulekile.

Ufakele inselelo uNgqongqoshwe wezeMfundo eLimpopo uNamane Masemola ukuba bahlangane ne-DA eDuiwelskloof Primary "ukuze azibonele isimo".

"Uma uMasemola engeke akwazi ukuya ngokwakhe, angathumela izikhulu eziphezulu zizomumela, noma uMnyango uhlele elinye ilanga ongaphumelela ngalo," usho kanje.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ezintsha ngo-Oscar Pistorius

Emizuzwini eyi-34 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...