Elikamengameli liphika umbiko

2013-02-14 10:05

Johannesburg - IHhovisi likaMengameli ngoLwesine lizwakalise ukuyiphika imibiko yabezindaba ethi uhulumeni wahluleka ukusiza indoda eyacela uMengameli uJacob Zuma ukuba ikwazi ukuthenga indlu.

"Kuyishwa ukuthi uMnuz Mali  ufuna ukuduma ngokukhuluma amanga,” kusho okhulumela uZuma, uMac Maharaj esitatimendeni sangoLwesine ekuseni, ngaphambi kwamahora nje uMengameli ethule inkulumo yakhe ebhekiswe esizweni uma sekuvulwa iPhalamende.

Ihhovisi likamengameli beliphendula ngemuva kokuba uMzukisi Mali, waseGrahamstown, etshele abezindaba ze-eNews ukuthi uhulumeni wehlulekile ukumsiza.

"Esicelweni sakhe kuMengameli, uMnuz Mali wathi imali ayiholayo inkulu kakhulu ukuthi angakwazi ukuthola umuzi womxhaso, kanti futhi incane kakhulu ukuthi angakwazi ukuboleka imali yomuzi ebhange," kusho uMaharaj.

"Kodwa kwatholakala ukuthi uMnuz Mali uhola ngaphezulu kuka-R15 000 isiqalo sakhe, kanti futhi unamarekhodi amabi ezikweletu.

"Usebenza njengePhini likaMqondisi eMnyangweni wezabaSebenzi, ngakho akangeni ngaphansi kwabantu abangathola lolu sizo aludingayo okuhloswe ngalo ukusiza abahola kancane kuphela."

UMaharaj uthe abasebenzi bahulumeni sebeke bamvakashela uMali ngenhloso yokuyomchazela ukuthi kungani engeke akwazi ukusizakala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C High level clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 13-21°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...