Elakuleli lizohlangana ne Zim ngolwama-passports
2011-01-13 15:12
Johannesburg - Ukusiza abantu baseZimbabwe abangaphezu kuka 275 000 ababhalisele ukuhlala ngokusemtehthweni kuleli kusezandleni zikahulumeni wezwe labo kanye nokukwazi kwawo ukubahlinzeka ngama-passports.
Oyinhloko kwezibhekelele izimvume uJacob Mamabolo uthe uhulumeni ubufisa ukuqeda lezizicelo ungakashayi umhlaka June 30, kodwa ke ukuzinikela ekusizeni kwe Zimbabwe kuzodingeka kakhulu.
Kodwa ke uhulumeni waseZimbabwe ukwazi ukukhiqiza ama-passport awu 500 ngelanga, kanti ke iningi labantu bakuleliya lizwe ababhalisele ukuhlala kuleli ngokusemthethweni alinawo ama-passport.
Uthi ke ulindele ukuthi umnyango uhlele kahle lezizicelo yikhona bezokwazi ukuthi bangaki abantu abangenawo ama-passports.
Phezu kwalokho kuzoba khona umhlangano phakathi kukangqongqoshe womnyango wezasekhaya wakuleli uNkosazana Dlamini-Zuma kanye nomlingani wakhe eZimbabwe maduzane.
- SAPA