Dlebelekelani kude - UKZN

2012-08-23 10:05

Durban - Isikhungo semfundo ephakeme i-University of KwaZulu-Natal sesiyalele abafundi abatelekile basophikweni iHoward College, sathi abadlebeleke bagcine kude bangaphazamisi, kubika iNewswatch.

NgoLwesithathu kuboshwe abafundi abahlanu ngesikhathi umbhikisho uphenduka uba nodlame, kudingeke ukuthi amaphoyisa asebenzise isankahlu ukuhlakaza isixuku.

Abafundi kuthiwa bashise amathayi baphinda baphazamisa nokufunda.

Izikhalazo zabo zihlanganisa ukungaphephi ezindaweni ezihlala abafundi, njengoba kamuva kubikwe ngokudlwengulwa nokubanjwa inkunzi kwabanye babo.

Isikhulu senyuvesi uNomonde Mbadi utshele abezindaba wathi akakuphasisi ukuthi abafundi bahlale emakhaya, uthe labo abangabhikishi kumele beze esikoleni kodwa baqaphele.

Ube esephinda exgeka laba abasembhikishweni.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...