Buyashisa ubugebengu kwezomtakabani

2013-02-28 14:02

Durban – Ukuphanga ezindlini, ukugqekeza, ukudunwa kwezimoto, nokubamba inkuzi ngesihluku kusahamba phambili ezindaweni zabadla izambane likapondo eThekwini, kubika iThe Mercury.

Izinhlaka eziqapha udweshu emphakathini nezinkampani zonogada babhekana nokwenyuka kobugebengu njengoba izigebengu zibonakala zigila imikhuba yazo noma yinini.

I-Blue Security, ibike ngokwenyuka okubonakalayo kobugebengu obenziwa kuhlonyiwe nobokushaya okwenzeka amakhaya nesezindaweni zamabhizinisi.

UMqondisi wenkampani uDarryn le Grange uthe izindawo ezithentekayo zihlanganisa iKloof, Umbilo, iGlenwood kanye neNew Germany.

“Izigebengu zingena ezindlini emini kwabha zikhombe izakhamuzi, zithathe omakhalekhukhwini ama-laptops, ubucwebe kanye nemali,” kusho uLe Grange.

Kwesinye sezigameko esenzeke ku-Aberfoyle Road, eWestville, ngeledlule, isakhamuzi sangenelwa amadoda amane ehlomile asikhomba, athatha ubucwebe endlini kanye nemoto.

Esinye isakhamuzi sadunwa imoto kuRobin Road ngumsolwa owayehamba ngeToyota Corolla.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...