UZuma uphendule uLekota

2012-11-15 16:29

Cape Town - Kuwukuphuma esandleni ukuthi umuntu angakhuluma athi abukho ubuholi kuleli laseNingizimu Afrika, kusho uMengameli wezwe uJacob Zuma, ngesikhathi ephendula imibuzo ePhalamende, ngoLwesine.

UZuma uthe ubuholi bakuleli buhlukaniseke izigaba eziningi ezihlanganisa amaqembu ezombusazwe, uhulumeni kanjalo nabahlali, usho kanjena ephendula umholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota, othe iNingizimu Afrika idinga ubuholi ngokushesha.

"Njengamanje izwe lisenkingeni, kunokungazinzi okuqhubekayo kanti nokungaziphathi ngendlela kwabahlali nakho kuyadloba. Abasebenzi balahlekelwa yizimpilo zabo usuku nosuku," kusho uLekota.

"Ngifuna ukubuza umbuzo Mengameli, kungani uthule, kungani singaboni ubuholi bungenelela?" kuqhuba uLekota.

UZuma uphendule wathi ubuholi akumele bukhethe iphela emasini.

"Angisazi-ke manje, akusibo yini abaholi bamaqermbu laba abagcwele lana ePhalamende, umbuzo kumele kube wukuthi laba baholi abagcwele lana babenzelani abantu abasemaqenjini abo, ababaholayo. Akumele lo mbuzo ucheme ubheke kwabathize. Ngabe akusibo ubuholi lobu? Ngabe wena awusiye umholi?" kubuza uZuma.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...