Besingaqonde lutho olubi - FNB
2013-01-22 14:07
Johannesburg - Ibhange iFirst National Bank belingenazinhloso zokugxeka uhulumeni ngesikhathi lenza isikhangisi somkhankaso i"You Can Help Campaign", kusho umbiko webhange ngoLwesibili.
"Ngikholwa wukuthi kube khona ukuhumusha ngendlela ephambene," kusho isikhulu uBernice Samuels.
"Inhloso ngqangi yethu bekuwukuvuselela abantu baseNingizimu Afrika ukuthi basizane futhi basebenzisane."
Ibhange lithi inkampani ezimele ithungathe abantu abasha abaseminyakeni yobudala ephakathi kuka-10 no-22, ibabuza ukuthi balibona kanjani izwe nekusasa lalo.
Abantwana babe sebebhala imibono nezifiso zabo ngezwe, okube sekusakazwa yibhange kunjengoba kunjalo...kwenziwa isikhangisi somkhankaso.
NgoMsombuluko, i-African National Congress iphumele obala yathi ithukile ngesikhathi ibona isikhangisi, kanti uphiko lweqembu luthe "singukuvukela uhulumeni neqembu".
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA