Besingafuni ukubukwa ngolwaseNkandla - Zille

2012-11-05 10:31

Johannesburg - Akuzwakali kahle ukuthi kungukufuna ukubukwa ukuhambela umuzi kaMengameli uJacob Zuma eNkandla okwenziwe yi-DA, kusho umholi waleli qembu uHelen Zille ngoMsombuluko ekuseni.

Ngokusho kwemibiko yabezindaba ze-SABC, lowo okhulumela umengameli uMac Maharaj usola iDA ngokufuna ukubukwa uma ifuna kushaye uLwesithathu isihlinzekwe ngemininingwane yokunwetshwa kweNkandla.

"Ngicabanga ukuthi uma kuthiwa sifuna ukubukwa kusetshenziswe igama elingasho iqiniso," kusho uZille, ephendula umbuzo ku-SAfm.

"Okuyiqiniso ngokuhambela leya ndawo ukuthi manje abantu sebeyazi ukuthi kusetshenziswa izindodla zemali yabakhokhi bentela ukwakha umuzi ngokungemthetho nokuthi umengameli akazimisele ngokuphendula imibuzo," kusho uZille.

Kodwa uMaharaj uthe umholi weDemocratic Alliance kudingeka alandele imigudu efanele uma efuna izimpendulo.

"Wazi kahle kamhlophe ukuthi uma efuna ukwenza umnqamulajuqu noma ukuxhumana nomengameli kunemigudu elandelwayo. Ngakho-ke uma ekhetha ukuya kwabezindaba, kumina lokho kuchaza ukuthi ufuna ukubukwa."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...