‘Bengingamazi nokumazi u-Anene’

2013-02-12 10:04
Yabelani Shicilela

Bredasdorp - Indoda yaseBredasdorp ebikade iboshelwe icala lokudlwengulwa nokubulawa kuka-Anene Booysen, 17, ithi amaphoyisa asilimaze asiqeda isithunzi sayo, kubika iDaily Voice.

Lo makhenikha oneminyaka engu-23 ubudala uthi ubengamazi nokumazi umufi.

UMatthew Prins, ubengumsolwa wesithathu ukuthi aboshelwe leli cala,, waboshwa ngoLwesihlanu nokho wadedelwa ngakussa ngemuva kophenyo.

UMatthew utshele amaphoyisa ukuthi wabe evakashele abangani, ngelanga ekwabulawa ngalo u-Anene.

“Ngangikhona endaweni kodwa ngingekho endaweni yokucima ukoma, la kwakukhona khona umufi. Akuyona nje nendawo engiyihambelayo."

“Ngaqala ukuzwa ngesehlakalo, ngoLwesibili ekuseni, ngesikhathi kutheleka amaphoyisa la sihlala khona, amaphoyisa athola igazi emotweni yami. Besekuphele isikhathi esiyisonto leli gazi likhona emotweni," kulandisa uPrins.

Uthi wazama ukuchazela amaphoyisa kodwa ayengafuni kuzwa lutho.

UPrins uthi wabizelwa esiteshini samaphoyisa eBredasdorp, ngesikhathi amaphoyisa efuna ukusesha ikhadi lakhe likamakhalekhukhwini.

“Ngangibuhlungu kakhulu emoyeni, ngidabukela nomndeni wami. Amaphoyisa angiphatha kambi kakhulu."




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...