Belingathembi muntu ikhansela elibulewe

2012-10-15 08:31

Durban - Ikhansela leNkatha Freedom Party elibulewe, uThemba Xulu, 39, kuthiwa ubevele engathembi muntu, ngisho abaqaphi bakhe imbala, ethi bazomjikela, kubika iSunday Tribune.

Abantu abasondelene noXulu baqinisekisa ngokuthi ubengabathandisisi abantu angabazi.

Lokhu kufakazeleka ngokuthi yize ebazi ukuthi impilo yakhe isengozini, kodwa wanqaba ukuba nabaqaphi.

UXulu wathunjwa ngabantu ababezenza amaphoyisa, isidumbu sakhe esasigugile yizinhlamvu satholakala eNanda.

Umfowabo uMduduzi uthi umndeni ushaqekile ngokubulawa komfowabo ngesihluku esinje.

“Asazi ukuthi ubani ongafuna ukubulala umuntu olunge kanje. Ubengumuntu onamancoko futhi sikujabulela ukuba naye," esho.

Ababulali bakhe abakaboshwa.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...