Bekukubi kubhikisha abe-IFP KwaMashu

2011-08-31 16:39

Durban - Kume nse yonke into KwaMashu ehostela amalungu e-IFP evuke umbhejazane evimba umgwaqo ngemigqomo kadoti nezihlahla ebhikishela ukuboshwa kwekhansela lale nhlangano, kubika iphephandaba iSolezwe.

Lo msindo kuthiwa uqale ngoMsombuluko ebusuku emuva kokuthi kuboshwe ikhansela lale nhlangano kule ndawo nenduna yaleli qembu ngamacala okuzama ukubulala.

Kuthiwa izolo ekuseni abantu abebeya emsebenzini abakwazanga ukuhamba ngoba bekuvinjwe kwasani emgwaqeni.

Abantu bakule ndawo bebegcwele umgwaqo abanye befake izikibha ze-IFP, abanye begaxe amabhayi ale nhlangano bephethe izingqwembe ezinekhanda laleli khansela.

Abanye bebemi emaqeleni ngakujantshi wesitimela bebukela njengoba amaphoyisa abetheleke ngezinkani ebopha abanye abebeyingxenye yalo mbhikisho.

Umgwaqo uMusa Road nokuhlala ngakuwo leli khansela, ubuvalekile izimoto zingakwazi ukuhamba kuwo ngoba yilapho abantu abebemandla khona nombhikisho. 

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

- Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...