Bebeziphindiselela abashise isitimela eKapa
2013-01-24 10:02
Cape Town - Umlilo ongqongqise isitimela eKapa kuleli sonto kungenzeka ukuthi bekungumnyakazo wokuziphindiselela kwabagibeli abebengeneme, kusho umbiko ngoLwesine.
Imenenja yakwaMetrorail kulesi sifunda uMthuthuzeli Swartz utshele iphephandaba iCape Argus ukuthi izikhulu zezitimela zinqabile ukungenisa abagibeli abebengenawo amathikithi noma imali yokukhokha esitimeleni.
"Kungenzeka ukuthi lo mlilo uqalwe ngabanye balabo bantu," esho.
Lesi sitimela besiya eKapa ntambama ngesikhathi sokhelwa ngomlilo sesingena eWoodstock ngo-16:00.
Kushe amakhoshi amane kwathi abantu abathathu balashelwa ukuhogela intuthu.
Abanye abagibeli kudingeke ukuthi baphume ngesamagundane ukuqinisekisa ukuphepha kwabo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA