Bebezama ukuthunaza uZuma ngolwaseNkandla - ANC
2012-11-21 16:34
Johannesburg - Imibiko ngodaba oluthinta umuzi waseNkandla kaMengameli uJacob Zuma, bekuyimizamo yokuphazamisa uhlelo lokuqokwa kwamagama abaholi abazovotelwa eMangaung, emhlanganweni omkhulukazi we-African National Congress, kusho iqembu ngoLwesithathu.
"Imibiko ethi umengameli akanaso isikweletu ngalo muzi, bekuyizindlela zokumbukela phansi kanye nokuzama ukufaka umoya omubi ekuphakamisweni kwamagama alaba abazoqokelwa ezikhundleni,” kusho isitatimende seqembu.
Iqembu likhiphe lesi sitatimende liphendula imibiko eke yasabalala ithi uZuma akanaso isikweletu ngomuzi wakhe.
Ngesonto eledlule umengameli watshela iPhalamende ukuthi unesikweletu nelinye lamabhange.
Laba abakade besabalalisa lezi zindaba, bebezama ukuthola imininingwano efihliwe esemabhange, kuqhuba iqembu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).