'Bazoxoshwa othisha abashayayo'

2012-06-06 08:11

Durban - Bangase balahlekelwe yimisebenzi yabo othisha abashaya izingane ezikoleni ngoba lokho ekugcineni kuba nomthelela omumbi odla uMnyango wezeMfundo imali, kuxwayisa uNgqongqoshe woMnyango eKZN uSenzo Mchunu.

UMchunu usho kanjena kulandela ukuthi uMnyango uhluleke ukuphikisa isinqumo senkantolo esithi akukhokhelwe umfana owalimala iso ngesikhathi uthishanhloko eshaya omunye umfundi.

Isehlakalo lesi senzeka esikoleni esiseShowe eminyakeni engu-9 eyedlule.

USimphiwe Shange wabe eneminyaka engu-15 ubudala ngesikhathi eshaywa yikhongco lebhande likathishanhloko.

UMchunu uthi uyasihlonipha isinqumo senkantolo, uthi into engamukelekile wukuziphatha kwabanye othisha.

"Kuyicala ukushaya abafundi esikoleni, kwavalwa kudala. Kumele siphinde sikugqugquzele sivuselele ukuthi akuvumelekile. Kumele uthi uma ukwenza wazi ukuthi uzodonsela amanzi ngomsele"


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...