Bazovela enkantolo ngelokubulala eKZN
2013-02-01 08:21
Johannesburg - Amadoda amabili avele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngezinsolo zokudubula abulale owesilisa elele, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesihlanu.
"Babekwe icala lokubulala ngemuva kwezinsolo ezithi bagqekeza umuzi kaBhunu Hlengwa emasontweni amabili edlule bamdubula elele nonkosikazi wakhe," kusho uCaptain Thulani Zwane.
UNkosikhona Gumede, 32, noSishosonke Gumede, 29, bavele enkantolo ngoLwesine, ngesikhathi icala labo lihlehliselwa uFebhuwari 7. Bazogqunywa esitokisini.
Abanye ababili ababehamba nabo ngalolo suku baboshwe ngoLwesine kanti kulindeleke bavele kuyona le nkantolo ngoLwesihlanu ngamacala okubulala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA