Bazovela abasolwa ngokubulala eKZN

2012-12-07 10:01

Durban - Kulindeleke ukuba abalisa ababili bavele enkantolo eKZN ngoLwesihlanu ngamacala ayisikhombisa okubulala, kusho amaphoyisa.

UMzokhona Mnyandu, 49, noSifiso Mathonsi, 48, basolwa ngokudubula babulale abalisa abayisikhombisa ePomeroy enyakatho neKwaZulu-Natal ngo-Agasti, kusho uColonel Vincent Mdunge.

Laba baboshwa ngoNovemba 27 bavela eNkantolo yeMantshi eNqutu. Icala labo lahlehliselwa uLwesihlanu.

Laba ababulawa bebengamalungu enhlangano yomphakathi elwa nobugebengu ebizwa ngokuthi yiSikebhe endaweni yaseThaleni, eMsinga.

Laba abashona kuthiwa babamba osolwa ngokweba imfuyo, nokwalandela ngokuthi bahlaselwe ngamalungu omphakathi.

"Amalungu eSikebhe abaleka ngezinyawo kodwa avinjezelwa wumphakathi wabahlasela. "

Amalungu ayisikhombisa eSikebhe adutshulwa abulawa kwathi elilodwa noma amabili alimala," kusho uMdunge.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 13-19°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...