Bazoqhubeka nokutakula abavukuzi
2012-05-25 12:19
Johannesburg - Iyaqhubeka imizamo yokutakula abavukuzi abangekho emthethweni abavaleleke emayini yegolide eGoli, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
Okhulumela abahambisi bosizo uRobert Mulaudzi uthi kumanje balindele izikhulu zoMnyango wezokuMbiwa Phansi naMandla ukuthi bazobhekisisa isimo semayini bese benza isiphakamiso.
"Uma sebeqede ukuhlola imayini sizoqhubeka nomsebenzi."
Abatakuli bayazi ukuthi abavukuzi ababili babhajwe ngakuluphi uhlangothi lwemayini.
Bobabiki abavukuzi badabuka eZimbabwe, bayingxenye yalaba ekade bevukuza emayini eyavalwa eWest
Rand.
Abayisithupha bakwazi ukuphunyuka, base behlaba umkhosi.
Abanye sebetakuliwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).