Bazonxeshezelwa ngezizumbulu ababoshelwa ubala e-KZN

2015-06-30 13:32

Pietermaritzburg - Amajaji okudluliswa kwamacala eMgungundlovu aphasise isinqumo sokuthi abesifazane ababili banxeshezelwe ngo-R95 000 umuntu ngamunye.

Lokhu kulandela ukuboshwa, ukufakwa esitokisini nokushushiswa ngokungemthetho Kwandengezi, ePinetown, ngo-2009.

Laba ngoBeauty Mbundwini, 50, namadodakazi akhe amabili o-Antonella Mtshali, 21, noRuth Mtshali, 31.

Ngokombiko, laba besifazane nezingane ezimbili ezincane baboshwa base begcinwa esitokisini ngokungemthetho ngokomyalelo kaSergeant Edward Ruben, kwenziwa yithimba lakhe elalithungatha indodana kaMbundwini, uSaziso.

Ubufakazi baveza ukuthi amaphoyisa afika kulo muzi ezintatha ngoJanuwari 2009 engayiphethe incwadi egunyaza ukuba baseshe.

OLUNYE UDABA: Uzonxeshezelwa owaboshelwa ubala

Nokho bavunyelwa ukwenza umsebenzi wabo.

Inkantolo yathola ukuthi uRuben "watshala" izinhlamvu zesibhamu evazini, laba besifazane bathathwa ngeveni yamaphoyisa nezingane ezimbili.

Kwathi ngemuva kokutholakala kukaSaziso, laba bayohlolwa esitokisini banikezwa ingubo eyodwa yokulala bancishwa ukudla.

Babe sebebekwa amacala, kwathi ngemuva kokugqigqa enkantolo agcina ehoxisiwe.

- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...