Bazongena enkingeni abama-ambulensi eKZN
2013-02-06 10:05
Durban - Sekusungulwe izikhungo ezizophenya ngabasebenzi bezimo eziphuthumayo abebesebenza ngonyawo lonwabu ezifundeni ezahlukene KwaZulu-Natal.
Bangu-30 abasebenzi abasebenza ngama-ambulensi kuMasipala iLembe District
ekuthiwa bashaye izincwadi zokugula ngoLwesithathu olwedlule, kwathi abanye abangu-33 bazishaya ngempelasonto.
Kuthiwa bakhala ngezinguquko ezingakenziwa kuze kube yimanje, kusukela zaqoshwa phansi ngo-2007.
Lezi zinguquko zibandakanya uhlelo lokuhlukaniswa kwamaholo ngezigaba nokunikezwa isibonelelo sezingozi.
UNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni uSibongiseni Dhlomo uhlangane nezinyunyana nabasebenzi be-EMRS abebewotha ubomvu eStanger Hospital ngoLwesibili.
Utshele iNewswatch ukuthi abasebenzi bosizo lokuqala abangene esitelekeni esingekho emthethweni bazobhekana nokuqondiswa izigwegwe bese kufunwa abanye abazokwenza umsebenzi wabo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24