Bazomangalela uMbuso abakwaKito

2012-08-24 10:04
Yabelani Shicilela

Durban - Amaphoyisa amabili asebenza ngaphansi kophiko lweNational Intervention Unit atshele ummeli wawo ukuthi bafuna ukumangalela uMbuso kulandela ukuboshwa kwawo  kanye nalawo ophiko olulwisana nobugebengu obuhleliwe eThekwini, kubike iphephandaba iThe Mercury ngoLwesihlanu.

Amaphoyisa smabili -- uDumisani Nzama noVusi Ngondwana – baboshwa ngoJuni kanye namalungu angu-18 ophiko lwaseCato Manor olwahlakazwa.

Amagama abo avela ohlwini lwalabo ababoshwa ngesikhathi bevela okokuqala enkantolo ngasekuqaleni konyaka, kodwa uNzama noNgondwana abafikanga bona kanye namanye amalungu.

Ngemuva kancane kwalokho, abezindaba batshelwa ukuthi amacala abebethweswe wona asehoxisiwe.

IMercury ibike ukuthi ummeli uMalcolm Lutge ukuqinisekisile ukuthi umele laba besilisa ababili ecaleni lokumangalela uNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa.

Amaphoyisa angu-18 kanye namanye angu-12 aboshwe ngasekuqaleni kwesonto, kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yesiFunda eThekwini ngoLwesihlanu.

Phakaphi kwalabo kukhona lowo oyinhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uJohan Booysen.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 11-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Showers late. Morning clouds. Mild. PE: 11-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...