Bazoliphika elokubulala uDewani

2012-05-18 12:08
Yabelani Shicilela

Cape Town - Abasolwa ababili ababhekene necala lokubulala umshadikazi u-Anni Dewani bazoliphika icala uma bebhekana nejaji eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, ngenyanga kaJulayi.

UXolile Mngeni noMziwamadoda Qwabe bavele ngaphamb kwenkantolo ngoLwesihlanu.

IJaji u-Andre le Grange ukhombise ukukwethakasela ukuthi selizoqala icala, njenghoba belilokhu lihlehla kusukela ngenyanga ka-Ephreli.

"Akusekude kuqedwe ngaleli cala, lizoqala lithethwe nenyanga kaJulayi mhlaka-30," kusho uLe Grange.

Umshushisi woMbuso uShareen Riley uthe abameli babamangalelwa baveze ukuthi abamangalelwa bazolandela icala ngaphansi kwesigaba-220 somthetho obhekene namacala.

Lokhu kusho ukuthi abamangalelwa bazovuma amaqiniso abawatshelwayo bese esetshenziswa njengobufakazi.

Abasolwa bebebukeka bezothile enkantolo, uMngeni yena oke wathola ukuhlinzwa ekhanda kulandela ukuba nesimila emqondweni naye ubebukeka ephila ngokwanele ukuthi angabhekana necala.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Partly sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...