Bazolazi ngonyaka ozayo ikusasa labo abakwaKito

2012-10-29 16:38

Durban - Amaphoyisa amane abe esophikweni olwesatshwayo olwabe luphenya amacala abucayi, esiteshini sakwaKito, azokwazi ngenyanga kaFebhuwari ukuthi azolithetha yini icala, kusho iNkantolo yesiFunda eThekwini.

Amaphoyisa angu-30 abhekene namacala ahlanganisa awokubulawa kwabantu abangu-28, abanye babo ekukholakala ukuthi kwabe kuyizigilamkhuba.

Laba abathweswe amacala bahlanganisa inhloko yophiko loKlebe esifundazweni uMajor General Johan Booysen.

Kuthiwa wonke amacala ababewenza, babe beqhuba umyalelo kaBooysen, uphiko lolu kuthiwa lwabe lwamukela izimali kubantu abathize.

Abasolwa baboshwa ngenyanga kaJuni, abanye ngo-Agasti, kulindeleke ukuthi mhlaka-5 Febhuwari, laba basolwa babuyele enkantolo ukuyozwa ukuthi bazowathetha yini amacala.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...