Bazofaka esebheyisili abasolwa noKotze

2012-03-30 12:02

Johannesburg -  Bekuthulekile eNkantolo yaMantshi yaseModimolle ngoLwesihlanu ekuseni ngaphambi kokuvela kwabesilisa abathathu ababekwe amacala noJohan Kotze ngokuhlasela unkosikazi wakhe ababengasahlali naye.

UMmapuru Peter Mohlako, u-Andries Paparona Sithole, noSello Frans Mphaka kulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili.

Basolwa ngokudlwengula unkosikazi kaKotze beshintshana ngaye bamlimaza ngezipikili, i-screwdriver nange- grinder ngesikhathi uKotze ebamele ngesibhamu ngo-3 Januwari.

Babeqashwe ukuba basebenze engadini yomuzi ayeqashe kuwona uKotze oseModimolle, ngesikhathi ebaphoqelela ukuba bahlasele umkakhe. Kusolwa nokuthi wabe esebulala nendodana yakhe angayizali ngemuva kokuyibizela endlini.

UKotze ngeke asifake isicelo sebheyili ngoLwesihlanu. Yena ulindeleke enkantolo ngoMeyi 11.

Indoda wesine yona ibhekene namacala angu-17 kuhlanganisa elokudlwengula, elokubulala, elokwakha uzungu lokudlwengula, elokuthumba, nelokushaya ngenhloso yokulimaza.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...