Bayazihlangula kwelokudayiswa komzimba
2013-01-22 10:02
Durban - Udokotela nonkosikazi wakhe namadoda amathathu baziqhathululile ekubandakanyekeni ekudayiseni izidakamizwa, ukushushumbisa abantu nokuba nendawo yokudayisa ngomzimba eNkantolo yesiFunda eThekwini.
Laba baboshwa ngoFebhuwari nyakenye, kanti babhekene namacala angu-156, abandakanya ukushaya, ukudlwengula, ukudayisisa izingane ngomzimba nokunye.
Basolwa ngokuba nendawo lapho kudayiselwa khona umzimba nalapho izingane ezineminyaka engu-12 ubudala zazisebenza njengamayengandoda.
Amaphoyisa athi kwahlengwa abesifazane abangu-24, abayisishiyagalombili kwakuyizingane ezazidle izidakamizwa.
USandile Patrick Zweni, 36, Nonduzo Dlamini, 24, Bhabha Dubazini, 29, uDkt Genchen Ragnath, 58, nonkosikazi wakhe uRavina, 47, bangase bathole udilikajele uma belahlwa yila macala ngaphambi kweMantshi uSimphiwe Hlophe.
Icala liyaqala ngoLwesibili ukulalelwa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA