Bayavela ngelokubulawa kwephoyisa

2013-02-22 12:04
Yabelani Shicilela

Bloemfontein - Azovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKroonstad amadoda amabili abhekene necala lokubulala iphoyisa laseMaokeng, eFree State.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Stephen Thakeng uthi uWarrant Officer Thomas Mngomezulu, 49, wophiko lwe-flying squad, watholakala eshonile esigangeni esiseMaokeng mhlaka-23 Disemba.

Imoto yephoyisa yatholakala ishiywe kanjalo, nokho isibhamu kanye nomakhalekhukhwini kona kwakuthathiwe.

UThakeng uthi amaphoyisa akwazi ukubopha abasolwa kule nyanga, omunye wabasolwa watholakala nomakhalekhukhwini kamufi ngesikhathi eboshelwe icala elihlobene nokuqhunyiswa komshini wokukhipha imali.

Kwaphinde kwaboshwa abanye ababili ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo ngesibhamu sika mufi.

Abasolwa abane bavela ngaphambi kwenkantolo, icala lahlehlela uLwesihlanu.

UThakeng uthi uJack Smous, 34, noDavid Twapa, 29, babhekene necala lokubulala, kuthi uJorobana Goodwill Molise, 28, noMotsamai Motsoane, 31, babhekane necala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 14-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...