Bayashoda othisha e-E Cape

2013-01-17 08:19

Johannesburg - Izikole eziningi eTranskei zishoda ngothisha beMaths neScience, ngokusho kombiko wangoLwesine.

Izifunda eziningi zoMnyango wezeMfundo zithi yize izikole zivuliwe ngoLwesithathu, kunezikhala eziningi ezingagcwalisiwe zezifundo ezibalulekile, okubalwa iMaths, Physical Science ne-Accounting, ngokusho kombiko weDispatch Online.

Isifunda saseNgqeleni yisona esishayeke kakhulu, njengoba zibalelwa ku-800 izikhala zothisha ezingagcwalisiwe.

Ezinye izifunda zibandakanya iNgcobo neMount Frere.

ULoyiso Pulumani, nokhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uthe njengoba ezinye izikole zishoda ngothisha, kunezinye ezinesibalo eseqile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C High level clouds. Cool. Pta: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 10-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 14-21°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...