Bayashoda kakhulu othisha eKZN
2012-04-24 12:02
Durban - Njengoba
uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uveze ukuthi ngenyanga edlule isibalo
sothisha abangenazo iziqu nabaneziqu eziphansi sicishe sifinyelele ku-8 000,
zinhlaka zithi lesi simo sidalwa ukuthi kwavalwa amakolishi, kubika iThe Mercury.
Ukushoda
kothisha , kwenze izikole zangabanayo enye indlela ebezingayithatha, bathi
kuqagulwa kuthiwe oyedwa kwabathathu kwabafundele umkhakha wezemfundo ogcina
ethole ukufundisa.
UNgqongqoshe
woMnyango esifundazweni uSenzo Mchunu uthe udaba lokutshalwa kothisha nomthamo
wabo enye yezinselelo ezinkulu, "nodaba lokuthi abafundi bamatikuletsheni
bafundisane bodwa".
Othisha
abaneziqu eziphansi yilabo abanama-diploma noma ama-degree ezifundweni
abazifundisayo, bengaqeqeshelwe ukufundisa.
Abangenazo
iziqu, abafunda ezikhungweni eziphezulu zemfundo.
NgokoMnyango,
labo thisha bayalelwa ukuba babhalisele ukufundela iziqu ezifanele.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24