Bayaphuphuma enkantolo eModimolle
2012-05-11 12:04
Johannesburg - Kugcwele kuyaphuphuma eNkantolo yeMantshi eModimolle, njengoba kuzovela amadoda amane asolwa ngokuhlukumeza nokudlwengula owesifazane.
Abasolwa uJohan Kotze, Andries Sithole, Peter Mohlako kanye noSello
Frans Mphaka basolwa ngokudlwengula loyo owabe engunkosikazi kaKotze, u-Ina Bonette.
Lesi sehlakalo senzeka ngenyanga kaJanuwari.
Kungokokuqala ukuthi abasolwa bavele kanye kanye enkantolo.
UKotze kuthiwa waqasha la madoda ukuthi asebenze engadini emzini wakhe oseModimolle.
Kuthiwa wabe esewaphoqa ukuthi adlwengule umkakhe, ewakhombe ngesibhamu, wathi akasikwe izitho zomzimba ezihlanganisa nezinzipho.
UBonette wagwazwa nge-screwdriver.
Akugcinanga lapho uKotze kuthiwa waphinda wadubula wabulala indodana kaBonette.
Iqeqebana labesifazane abangamalungu ophiko lwabesifazane be-ANC babonakele enkantolo bephethe izigwembe ezithi ''banganikezwa ibheyili abadlwenguli nababulali''.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA