Bayanda abashona eSasolburg
2013-01-24 12:03
Sasolburg - Amaphoyisa aseFree State athi sesinyuke safinyelela kwabane isibalo sabantu abashone njengoba kuqhubeka umbhikisho wezakhamuzi zaseSasolburg.
Isikhulu samaphoyisa uLieutenant-Colonel Motantsi Makhele uqinisekise lesi sibalo, wathi bane abantu asebeshonile, bonke laba bashonele ezibhedlela.
Ngasekuqaleni kwesonto, amaphoyisa abika ukuthi babili abantu abashona, ethi oyedwa ushonele esiteshini samaphoyisa eZamdela.
Amaphoyisa athi umshayeli wemoto wadubula wabulala umuntu owayebhikisha, kwathi omunye umuntu wadutshulwa ngumnikazi wesitolo.
Abanye ababili kuthiwa badutshulwa ngesikhathi itholene phezulu phakathi kwababhikishi namaphoyisa.
Abe-Independent Police Investigative Directorate (IPID), bazophenya ngalezi zehlakalo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA