Bayakhala ngenkulumo kaXingwana
2013-02-27 12:02
Johannesburg - UNgqongqoshe woMnyango wezabesiFazane, iziNgane kanye nabantu abaphila nokuKhubazela uLulu Xingwana usebenzisa budedengu amandla akhe futhi akanakho ukuhlonipha isithunzi sehhovisi lakhe, kusho abe-Afrikanerbond, ngoLwesithathu.
"Ungqongqoshe usevele wakubeka obala ukuthi akasifanele isikhundla sakhe, njengoba siphila esikhathini sikahulumeni wentando yeningi," kusho uNobhala we-Afrikanerbond uJan Bosman.
Konke lokhu kuza ngemuva kokuthi uXingwana etshele abe-Australian Broadcasting
Corporation wathi abafanyana abangamabhunu, bakhuliswe ngendlela ebenza bazizwe bebusa izimpilo zabantu besifazane nezingane.
"Abafana abancane abangamabhunu bakhuliswe ngaphansi kwenkolo iCalvinist, bakholwa wukuthi kumele babuse abantu besifazane, izingane nakho konke okunye," kusho uXingwana.
"Sinamasiko angafani, nathi sinayo imikhuba la khona kuphoqwa abesifazane ukuthi bagane amadoda abangawathandi, siyalwa nale mikhuba."
UXingwana ubebuzwa imibuzo mayelana nesehlakalo sokubulawa kukanobuhle uReeva Steenkamp, ekusolakala ukuthi ubulawe yisoka lakhe u-Oscar Pistorius.
Khonamanjalo-ke iqembu iChristian Democratic Party lithi kumele uMengameli uJacob Zuma amxoshe uXingwane, ngalokhu kukhuluma kwakhe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA