Bayahlukumezeka abesifazane nezingane - Mokonyane

2012-08-03 16:19

Johannesburg - Abantu besifazane kanjalo nezingane yibo abahlukumezeka kakhulu uma amaqembu ezombusazwe eqophisana eba nezimpi zombango, kusho uNdunankulu wesifundazwe eGauteng, uNomvula Mokonyane.

"Wonke amadoda asezikhundleni emazweni ase-Afrika kumele azi ukuthi ukuthi uma eqala izimpi zombango, kuhlukumezeka kakhulu abesifazane nezingane....ngisho eqenjini i-African National Congress, yiCongress of SA Trade Unions, kanjalo ne-SA Communist Party," kusho uMokonyane.

Lokhu kuvele ngesikhathi undunankulu ekhuluma engqungqutheleni yeCosatu, yesifundazwe iGauteng.

"Sinendima enkulu esiyibambile kumbimbi, kumele bazi ukuthi uma bexabana siyahlukumezeka."

UMokonyane uthe lihleli obala igalelo leCosatu esifundazweni iGauteng.

Ilungu lekomidi le-ANC eGauteng u-Uhuru Moiloa, utshele abahambele umhlangano wathi akumele umhlangano waseMangaung ngoDisemba, ubheke kuphela udaba lwezikhundla.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 13-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...