Baya enkantolo abasolwa ngokubulala eMpangeni
2013-02-04 14:03
Johannesburg - Kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMpangeni, amadoda amane abhekene necala lokubulala indoda nokulimaza intombi yayo.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi abasolwa badubula izithandani ngesikhathi zigoduka zibheke ekhaya endaweni yakwaMacekane, ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane, uthi indoda eneminyaka engu-27 ubudala, ishonele endaweni yesehlakalo kwathi intombi yayo eneminyaka engu-25 ubudala yona yangeniswa esibhedlela.
Kube sekwaziswa amaphoyisa kwagcina kuboshwa abasolwa abane abatholakale nesibhamu kanye nemoto eyabikwa ukuthi yebiwe eThekwini ngoJuni, 2012.
Abasolwa baseminyakeni yobudala ephakathi kuka-23-35.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA