Baya enkantolo abasolwa ngokubulala

2012-09-03 10:03
Yabelani Shicilela

Cape Town - Azovela ngaphambi kwenkantolo amadoda amathathu asolwa ngokubulala ibhungu elabe liyohlangana nabo libathengisela ibhayisikili lalo elisezingeni, kusho imibiko ngoMsombuluko.

Iphephandaba iCape Times ibike ukuthi abasolwa babamba u-Olwyn Cowley, 21, bamthumba base bembulala.

Laba bahlangana noCowley ku-webisite yakwa-Gumtree, evamise ukusetshenziswa abantu uma kukhona abakumakethayo.

Isidumbu sakhe satholakala olwandle iMonwabisi Beach ngoLwesihlanu, wabe edutshulwe kabili ekhanda.

Ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ibhayisikili lakhe eliyi-BMW 325 TI, ndawana thize eMitchells Plain.

U-Anti kaCowley u-Anita Hanekom utshele iphephandaba wathi umshana wakhe wahlangana nabathengi ngoLwesibili, base bevumelana ukube bahlangane kuze kuzoqinisekiswa isivumelwano sokudayiselana.

Abasolwa baya eNkantolo yeMantshi eMitchells Plain ngoMsombuluko, amaphoyisa afuna indoda yesine ekuthiwa nayo iyabandakanyeka.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kumenele odubule wabulala intombi

Emizuzwini eyi-26 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...