Baya enkantolo abafana abasolwa ngokufa komuntu
2012-12-31 08:31
Johannesburg - Bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseButterworth,
e-Eastern Cape, abafana abathathu abasolwa ngokufa kwendoda eneminyaka engu-56
ubudala.
Abasolwa baseminyakeni ephakathi kuka-15 no-17 ubudala.
Baboshwe endaweni yase, Mangweni, eZangwa Village, ngemuva kwesikhashana
kugwazwe kwabulawa umufi, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha.
"Umuntu obedlula ngendlela uthole indoda yopha kakhulu ngoMgqibelo
ekuseni. Ibe isiphuthunyiswa esibhedlela yaphelela khona" kusho uManatha.
Uphenyo lwamaphoyisa luholele ekuboshweni kwabafana abathathu, laba badedelwe
ngaphansi kwesandla sabazali.
Kulindeleke bavele ngaphambi kwenkantolo
ngoMsombuluko, babhekene necala lokubulala.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).