Baxwayisa kusuka ngo-2006 abaseLenasia

2012-11-13 14:02

Johannesburg - Abahlali baseLenasia, ise-Ennerdale kanye naseLawley, baxwayiswa kusukela ngo-2006 ukuthi umhlaba abakha kuwo awuvumelekile, kodwa noma kunjalo baqhubeka bagxumeka imizi yabo.

UNdunankulu waseGauteng uNomvula Mokonyane, usho kanjena ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba, "Kusho umbiko owahlanganiswa nguGeorge Fivaz, wase wethulwa ngaphambi koMnyango wezeZindlu ngo-2006".

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuvela kokuthi kuthengiswa umhlaba ngokungekho emthethweni kulezi zindawo ezihlanganisa iLenasia, Ennerdale neLawley, kubika iphephandaba iThe Star.

Kutholakale ukuthi imizi engu-678 yakhiwe ngokungekho emthethweni eLenasia, ibe ngu-1 000 e-Ennerdale naseLawley, lolu phenyo lwahlanganiswa lwaphothulwa ngonyaka ka-2010.

Kwatholakala ukuthi abathenga umhlaba banikwa amatayitela omkokotelo.

“Kwaxhunyanwa kaningana nabahlali, banikwa ithuba lokuthi baphume kulezi zindlu noma basebenzisane nohulumeni emizamweni yokuthi kutholakale laba ababathengisela umhlaba, abakaze bona bazixake," kusho uMokonyane.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Dubula uMalema - Kucula abe-ANC

Emizuzwini eyi-48 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 2-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 10-21°C Showery. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...