Bangase babekwe amacala abamema uMalema

2012-10-22 08:28
Yabelani Shicilela

Bloemfontein- UMasipala eFree State uphenya izikhulu ezimbili, ezisolwa ngokuhlela umhlangano ekwakhuluma kuwo umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema, ngesikhathi ekhuluma nabavukuzi.

Ngesonto eledlule uMalema wakhuluma nabavukuzi abatelekile basemayini yaseGoldfields Beatrix, ekhuluma enkundleni yezemidlalo iVirginia.

UMalema watshela abavukuzi ukuthi uMasipala wase Mtjhabeng wazama ukuvimba umhlangano, ngesikhathi uthola ukuthi uzobe ekhuluma kuwo.

Umvukuzi uRastso Montsioa utshele iphephandaba iCity Press wathi bathola imvume yokusebenzisa inkundla mahhala, uthi ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi kuzokhuluma uMalema, umasipala washaya ungqimphothwe wafuna ukukhokhelwa.

"Izinkinga zaqala ngoLwesibili ngesikhathi sekumele kufike uMalema, onogada esangweni babenqaba ukungenisa abantu ekwakumele bazomisa itente," kusho uMontsioa.

UMonstioa uthi izikhulu eziphenywayo azihlangene nokuhlelwa komhlangano.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Malepo Khosana uthi amaphoyisa aphenya icala ngaphansi komthetho iGathering Act, uthi okwamanje akekho umuntu osethweswe amacala.

"Okwamanje kusahlanganiswe umbiko wase uthunyelwa kwabeNational Prosecuting Authority, yibo abazothatha isinqumo sokugcina," kusho uKhosana.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...