Bavinjiwe ukungena emahostela abavukuzi

2013-01-09 09:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Bangaphezu kuka- 500 abasebenzi basemayini yaseHarmony Gold, iKusasalethu, abanqatshelwe ukungena emahostela abahlala kuwo eCarletonville, kusho okhulumela abasebenzi.

"Baphume beyothenga ukudla, kuthe uma bebuya bathola onogada namaphoyisa sebevimbe emnyango bengangenisi muntu," kusho uPaul Motaung.

Onogada bebevumela abantu ukuthi baphume kuphela, bengabavumeli uma sebefuna ukungena.

"Kutheleke amaveni amaphoyisa amahlanu, ngesikhathi kubonakala sengathi isimo sizoshuba, abanye kulaba baze bayoboleka izingubo zokulala komakhelwane abaselokishini eliseduze, bezisonga ngazo ngenxa yamakhaza akade ebaququda bevalelwe.

UMotaung uthi laba abakade bevele bengaphakathi emahostela, nabo baphumele ngaphandle beyokweseka ozakwabo, futhi befuna ukubona isiphetho.

Okhulumela iHarmony uHenrika Basterfield, uthe akumele engabe kukhona abantu abahleli emayini njengoba ivaliwe.

"Engingakusho wukuthi imayini ivaliwe. Bangu-100 abantu abatheleke emayini ezinsukwini ezimbili ezedlule, bezohlala. Laba batholelwe izinto zokuhamba babuyisewa emakhaya."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 15-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...