Bavelile ngelokweba imfuyo eKZN

2012-08-30 12:08
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Amadoda amathathu avele enkantolo ngemuva kokubanjwa empitshene emotweni neziklabhu ezine ezintshontshiwe, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesine.

UColonel Jay Naicker athe uMxolisi Dlamini, 20, Sabelo Khoza, 22, noThobani Madlala, 20, bavele eNkantolo yeMantshi yaseXobho ngoLwesithathu.

"La madoda abhekene namacala okweba imfuyo azophinde avele enkantolo ngoSepthamba 6," kusho uNaicker.

Amaphoyisa amisa iToyota Tazz emhlophe ngoLwesithathu ngesikhathi esesha izimoto emgwaqeni uR56.

UNaicker uthe la madoda aboshwe ngesikhathi ehluleka ukuchaza ukuthi azithathephi lezi zilwane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C Sunny. Mild. PE: 16-21°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...