Bavelile ngelokufa kukamfundisi

2012-11-19 14:01

Bloemfontein - Avelile ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseHarrismith amadoda amabili mayelana necala lokuklabha ngembazo babulale umfundisi webandla iDutch Reformed Church, uWillem Brits.

Indodana kaBrits angayizali, uMartin Brits, 28, no-Elliot Mhlambi, 41, bavele kafushane enkantolo icala lase lihlehliselwa uDisemba 12.

Laba bobabili babhekene namacala amabili ahlobene nokubulawa kukaBrits, 60, eHarrismith ngasekuqaleni kwale nyanga.

Bobabili bebesejele eFrankfort ngonyaka odlule -- uMhlambi ngecala lokuduna imoto uBrits ngelokweba, kusho okhulumela amaphoyisa uSergeant Mmako Mophiring.

Lowo obezoshada nendodana kaBrits, uGerhard Vermeulen, 25, wasocongwa kulesi sigameko.

UVermeulen wadutshulwa ekhanda wafa ujuqu.

Umfundisi walimala waphuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho ashonela khona ngosuku olulandelayo.

UMhlambi waboshwa ehamba emgwaqeni uN3 egqoke izingubo ezigcwele igazi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ozithwele uwe i-ambulensi ihamba

Emizuzwini eyi-10 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-35°C Showers late. Afternoon clouds. Hot. PE: 14-21°C Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...