Bavelile ngelokubulawa kowe-IFP

2013-02-08 14:04

Durban - Abantu abahlanu abasolwa ngokubula ilungu le-IFP bavele kafushane eNkantolo yesiFunda eThekwini ngoLwesihlanu.

Icala lihlehliselwe uMsombuluko ukuze uMalusi Sibusiso Ncengwa akwazi ukufaka  isicelo sokusizwa ngommeli.

Abanye ababili asolwa nabo, okuyikhansela le-NFP uMgezeni "Bhungu" Gwala kanye nendodana yakhe uBonginhlanhla, bona bazofaka isicelo sokuba inkantolo ixegise imibandela yebheyili yabo.

UGwala, namadodana akhe uMjabulelwa noBonginhlanhla, uNcengwa, noSkhumbuzo Nxumalo bathweswe icala lokubulala ilungu leNkatha Freedom Party, uCebisile Shezi.

Wadutshulwa washona ngaphandle kwesiteshi sesitimela eThembalihle, KwaMashu, ngemuva kancane uNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa ekhulume namalungu e-IFP enkundleni yezemidlalo esigcemini sakwa-A, KwaMashu, ngo-Okthoba 6, 2012.

Wayegqoke isikibha se-IFP ngaleso sikhathi edutshulwa.

Umshushusi woMbuso uJoel Kisten uphinde wacela ukuba lihlehle icala ngoba asikenziwa isinqumo sokuba leli cala lizolalelwa enkantolo enkulu noma cha.

UGwala, uBonginhlanhla, kanye noNcengwa bangaphandle ngebheyili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Light rain late. Mostly cloudy. Cool. Pta: 3-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: -4-10°C Afternoon clouds. Cool.
Dbn: 11-18°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 7-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...