Bavelile kwelokubulawa kowe-ANC
2013-02-19 14:04
Johannesburg - Amadoda ayisithupha asolwa ngokubulala isikhulu se-ANC eNorth West, u-Obuti Chika, bavele eNkantolo yeMantshi yaseKlerksdorp ngoLwesibili, kusho uphiko loKlebe.
UCaptain Paul Ramaloko uthe leli cala lihlehliselwe uFebhuwari 27 ukuze kufakwe isicelo sebheyili.
Uthe omunye wala madoda waboshwa ngoFebhuwari 14, kwathi amathathu aboshwa ngoMgqibelo, abanye ababili bazinikela emaphoyiseni ngoMsombuluko.
"Siyathemba ukuthi sibophe abantu okuyibona esibafunela lolu phenyo."
Uthe abasolwa ngoJeffrey
Letuka, 28, uSihlalo we-ANC Youth League eNorth West uPapiki
Baboile, uNobhala we-ward uPaul Molomonyane, 33, ikhansela u-Itumeleng
Molebatsi, 50, umsebenzi kamasipala uWilliam Malefo, 46, nosomatekisi uKgotso Kali, 36.
Babhekene necala lokwakha itulo lokubulala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA