Bavelile enkantolo ngelokubulala eKZN
2012-12-13 12:05
Durban - Abalisa ababili abasolwa ngokubulala izithandani esezindala nokuzebela imali yempesheni zivele eNkantolo yeMantshi eCamperdown, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesine.
UBhekizwe Mabaso noNhlanhla Mbhele, abaneminyaka engu-28 ubudala bavele enkantolo ngoLwesithathu ngamacala amabili, elokubulala nelokuphanga, kusho uCaptain Thulani Zwane.
Bazophinde bavele enkantolo ngoDisemba 18.
UMfanelo Mkhize, 79, noZamekile Ngidi, 63, batholakala belenga emzini wabo kwaSwayimane, ngaseMgungundlovu, ngo-Okthoba 20.
Amaphoyisa athola ukuthi imali kanye nesibhamu sikaMkhize akukho endlini.
"Lezi zaguga zabe zigcine ukubonakala ngo-Okthona 17 esikhungweni sokuholela impesheni esisendaweni,” kusho uZwane.
Izidumbu zabo zatholwa ngumakhelwane.
Ngesikhathi uMabaso noMbhele beboshwa ngoMsombuluko amaphoyisa athola isibhamu kubona, okukholakala ukuthi ngesikaMkhize.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA