Bavelile basolwa ngelokubulala abeNFP eKZN
2012-10-18 14:03
Durban - Izelamani ezimbili ezisolwa ngokudubula zibulale ilungu leNational Freedom Party zivelile eNkantolo yeMantshi yaseMlazi, nokuyilapho zibhekene khona necala lokubulala.
UMuzi, 29, noXolani Ntuli, 32, bekulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili kodwa ummeli wabo ubengekho.
UMbuso ubuvele uhlele ukuyiphikisa ibheyili.
Leli cala libe selihlehliselwa uNovemba 7.
Abasolwa bazogcinwa ezikhindini.
Ilungu leNFP uMthunzi Gwala wadutshulwa wabulawa ngoJulayi, isidumbu sakhe satholakala emgwaqeni oseMlazi esigcemeni sakwa-T.
Amaphoyisa athi asikacaci isizathu salesi sehlakalo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA