Bavelile abase-DRC ababoshwe eLimpopo

2013-02-07 16:38

Pretoria - Bavele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda ePitoli, abasolwa abangu-19 ababhekene necala lokwakha itulo lokuketula uhulumeni wase Democratic Republic of Congo (DRC).

Abezindaba ze-EWN bathi abasowa baboshwa beseLimpopo, bebanjwa yithimba eliphenya amacala abuzayi, pheceleni iSpecial Task Force.

IMantshi uMaryke de la Rey uthi abasolwa bazothola usizo lwezempilo, usizo lwabameli kanjalo nemvume yokuxhumana nenxusa lasezweni labo.

Icala labo lihlehlisiwe kuze kuzohlanganiswa ngendlela ubufakazi kanye neminye imininingwano ngabo.

Umshushisi uShaun Abrahams uthe sizophikiswa isicelo sebheyili uma abasolwa bebuyela enkantolo mhlaka-14 Febhuwari.

Laba bazibiza nge-Union of Nationalists for Renewal kanti kuthiwa baqala ukukhanda itulo kusukela ngoSepthemba ngonyaka owedlule.

U-Abrahams uthi bebehlela ukuqumba phansi umbuso kaMengameli uJoseph Kabila, abasolwa ababili basagcwele amathafa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...