Bavelile ababhikishi baseSasolburg

2013-01-29 16:44

Sasolburg - Bavele ngaphambi kwenkantolo abantu abayishumi nambili abasolwa ngokudala udlame emphakathini waseSasolburg, ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho ngesonto eledlule, kusho amaphoyisa aseFree State.

Abasolwa babhekene necala lokudala udlame emphakathini kanye nokudicilela phansi impahla, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Motantsi Makhele.

Abayisishiyagalombii kulaba, banikwe ibheyili yenkulungwane umuntu ngamunye, abanye basavalelwe njengoba kuvele ukuthi banamanye amacala.

Abasolwa bazophinde babuyele ngaphambi kwenkantolo mhlaka-14 Mashi, sebekanye nabanye abangu-34 abakade bevele enkantolo ngoMsombuluko, mayelana necala elilfanayo.

Balinganiselwa ku-200 abantu ababamba umbhikisho onodlame ngesonto eledlule, ngesikhathi izikhamuzi zibhikishela ukuphikisana nokuhlanganiswa komasipala bendawo.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-21°C Passing showers. Partly sunny. Mild. Bloem: 14-22°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 20-29°C Rain late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Showers late. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...