Bavele enkantolo iphoyisa nosomabhizinisi

2012-12-10 14:02

Durban - Usomabhizinisi waseThekwini uToshan Panday nephoyisa uLieutenant Colonel Navin Madhoe, bavele kafishane ngaphambi kweNkantolo eNkulu eThekwini, mayelana namacala ahlanganisa ukugwazela nenkohlakalo.

Icala lalaba lihlehliselwe umhlaka-11 Febhuwari, kuze kuzohlanganiswa kahle ubufakazi.

Abasolwa babhekene necala lokuzama ukugwazela isikhulu samaphoyisa uMajor General Johan Booysen, osophikweni loKlebe.

Kuthiwa bamthembisa u-R2 million, kuze ezobhala izinsuku ezingaqondile, embikweni ngophenyo lwethenda ka-R60 million.

UMbuso uthi unobunye ubufakazi ngezingxoxo ezenziwa ngothelefoni.

Ummeli kaPanday uJimmy Howse, usecele uMbuso ukuthi umuphe lobu bufakazi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...